IZITHOMBE: UMarawa noMbalula bathelelane amanzi

2017-04-25 16:00

Johannesburg – UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uFikile Mbalula, kanye nomethuli wezinhlelo zemidlalo, uRobert Marawa, bakhumelane umlotha kulandela isikhathi eside beqakisana ngamagama esidlangalaleni.

Konke lokhu kube ngusizo lwenkakha kwezomculo, u-Oscar “Oskido” Mdlongwa, okunguye obize la madoda womabili angabangani bakhe abakhulu, wawayalela ukuba ahlale phansi abonisane.

ITshisaLIVE ibike ukuthi u-Oskido ukuqinisekisile ukuthi uMarawa noMbalula babe nomhlangano ngoMsombuluko ebusuku baxoxa base begcina bevumelene ngokuthi baxolelane.

Lokhu kulandela imibiko ethi uMbalula ubesefake isimangalo kulandela ukuthi uMarawa engazange axolise ngezinsolo azenza ngaye.

UMarawa kweminye yemibhalo yakhe kaTwitter waveza ukuthi sekukaningi uMbalula ezama ukumxoshisa emsebenzini kepha engaphumeleli, nalapho uMbalula aveza khona ukuthi empeleni nguye owayemkhulumela uMarawa izinto sezimbhedela kuMetro FM.

“Bobabili bangabangani bami abakhulu ngakho nginqume ukuthi ngibabizele emhlanganweni base bayavuma. Konke kuhambe kahle,” kusho u-Oskido.

Buka nazi izithombe ngezansi:

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 19-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...