IZITHOMBE: UHarry nengoduso yakhe babonakale okokuqala emphakathini ngemuva kokuthembisa umshado

2017-11-27 19:25

Cape Town – Njengengxenye yokubungaza ukuthembisana kwabo umshado, iKensington Palace isikhiphe izithombe zokuqala ezisemthethweni zeNkosana uHarry nengoduso yakhe uMeghan Markle.

Ukuthembisana kwalezi zithandani umshado kumenyezelwe ngoMsombuluko ekuseni enkundleni yezokuxhumana ngemuva kokuvela kwezindaba ezithi zonke izisebenzi zaseKensington zibizelwe emhlanganweni obalulekile lapho kuhlala khona iNdlovukazi u-Elizabeth, eLondon, ngoLwesihlanu.

Kulandela lesi simemezelo, lezi zithandani zibe sezivela okokuqala ngqa emphakathini ngemuva kokuthembisana umshado eThe Sunken Gardens, eKensington Palace, ngoMsombuluko ntambama.

Laba kuthiwa bahlangana ngoMeyi wonyaka owedlule base beqala ukuthandana, kanti bathembisane umshado ngasekuqaleni kwale nyanga.

IZITHOMBE:

Prince Harry, Meghan Markle

Prince Harry, Meghan Markle

Prince Harry, Meghan Markle

Buka i-video yalo mzuzu lapha ngezansi:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...