IZITHOMBE: UDrake uphule irekhodi lika-Adele ewola izindondo ezingu-13

2017-05-22 09:32

Las Vegas – Intandokazi yomculo weHip hop waphesheya, uDrake, iphule irekhodi lomculi waphesheya ohlonishwayo, u-Adele, ngokuwola izindodo ezingu-13 emcimbini wokuklomelisa ngezindondo ama-2017 Billboard Music Awards ngeSonto.

U-Adele wabeka irekhodi elisha emcimbini wokuklomelisa ngezindondo wangonyaka ka-2012. UDrake uye kulo mcimbi evele ethwele ngeqoma njengoba ubephakanyiswe (nominated) emikhakheni engu-22.

Phakathi kwezinye zezindondo aziwinile kubalwa eye-Top Artist, i-Top Male Artist kanye neye-Top Billboard 200 Album (Views) kulo mcimbi obubanjelwe eT-Mobile Arena eLas Vegas.

OLUNYE UDABA: Sebemenyezelwe osaziwayo abazophatha uhlelo kuma-Samas

“Ngilethe umndeni wami wonke lapha,” kusho uDrake, nobephahlwe esiteshi yinqwaba yabantu okubalwa kubo ubaba wakhe, kanye nabaculi beHip hop, uLil Wayne kanye noNicki Minaj.

Emkhakheni weTop Artist, uDrake ubhincisele nxanye abaculi abahlonishwayo okubalwa kubo uBeyoncé, uJustin Bieber, uRihanna, u-Adele,u- Ariana Grande, iWeeknd, iTwenty One Pilots, uShawn Mendes kanye neChainsmokers. Kodwa-ke kulaba baculi uDrake kanye neChainsmokers yibona kuphela ababehambele ama-Billboard Awards.

Kodwa-ke bakhona nabanye abaculi abadumile abebehambele lo mcimbi.

Zibonele uhlu lwabaculi abahlabane ngezindondo ezinkulu lapha:

— Top artist: Drake

— Top Hot 100 song: The Chainsmokers featuring Halsey, "Closer"

— Top Billboard 200 album: Drake, "Views"

— Top female artist: Beyoncé

— Top male artist: Drake

— Top new artist: Zayn

— Top duo/group: twenty one pilots

— Top collaboration: The Chainsmokers featuring Halsey, "Closer"

— Top R&B artist: Beyoncé

— Top rap artist: Drake

— Top country artist: Blake Shelton

— Top rock artist: twenty one pilots

— Top Latin artist: Juan Gabriel

— Top dance/electronic artist: The Chainsmokers.

— Top Christian artist: Lauren Daigle

— Top gospel artist: Kirk Franklin

— Top social artist: BTS

— Top touring artist: Beyoncé 

— Chart achievement award: twenty one pilots

— Icon award: Cher

Zibonele uhlu oluphelele lapha

Zibonele ezinye zezithombe zalo mcimbi obuwubukhazikhazi ngezansi:

drake, billboard music awards

billboard music awards

billboard music awards

billboard music awards

billboard music awards

billboard music awards

billboard music awards

billboard music awards

billboard music awards

billboard music awards

billboard music awards

(IZITHOMBE: Getty Images)

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uyashiya kwi-RGB umsakazi

2017-07-25 16:00
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...