IZITHOMBE: Ubumnandi bodwa kuMinnie Dlamini nezimpelesi zakhe eParis

2017-09-09 15:34

Durban - UMinenhle “Minnie”Dlamini owathenjiswa umshado ngoDisemba odlule yisithandwa sakhe esingumthwebuli uQuinton Jones, uvakashele idolobha lo thando eyozithokozisa nabangani bakhe.

Le ntokazi itshele abeSowetan: “Ngiwulangazelele kakhulu umshado wami omhlophe futhi ngikuthakasele nokuwubungaza neNingizimu Afrika. Yize ngingeke ngikwazi ukusho okuningi okwamanje kodwa ingubo yami yinto eningakaze ningibone ngiyigqokile.”

Le ntokazi iqhubeke yathi: “Ngihlezi ngikhazimula emicimbini ngakhoke kulokhu, ngifuna abantu bangibone ngenye indlela, izoba njalo-ke ingubo yami.

OLUNYE UDABA:UMinnie Dlamini udayisele iMultiChoice amalungelo okwethula umshado wakhe

NgoJuni kwabikwa ukuthi le ntokazi yadayisela abakwaMultiChoice amalungelo okusakaza konke ngomshado wakhe ngenani lika-R6 million.

Yize engazange awaqinisekisa amahlebezi enani, umphathi wakhe uSarit Tomlinson, wathi basasezingxogxweni nale nkampani.

Kuthiwa uhlelo lwakhe oluzobizwa nge-Becoming Mrs Jones, luzosakazwa ku-Vuzu Amp ngomhlaka13 Okthoba.

My girls always have my back ?? #Bridesmaids #BecomingMrsJones ??????

A post shared by Minnie (@minniedlamini) on

Bisous ?? #BacheloretteParty #InParis #BecomingMrsJones ??????????

A post shared by Minnie (@minniedlamini) on

Au revoir to the single life ?? #Bachelorette #BecomingMrsJones

A post shared by Minnie (@minniedlamini) on

"Go be like the girls of Sex and the City" - @sollytshiki , 2008

A post shared by Minnie (@minniedlamini) on

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Partly cloudy. Mild. PE: 11-18°C a few tstorms. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...