IZITHOMBE: Ubophe elikasofasilahlane umlingisi we-Scandal

2017-10-24 14:03

eGoli - Selithathile igeza lensizwa elidlala indawo kaQuinton ohlelweni oluyintandokazi iScandal!, olukhonjiswa njalo phakathi nezinsuku ku-etv ngo-19:30.

Lo mlingisi ogama lakhe langempela nguBrighton Ngoma ushadelwe yisinqandamathe sakhe seminyaka naso esingumlingisi uTshepi Mashego ngale mpelasonto.

Umkakhe wayelingisa indawo kaDiphuka kwiRythm City.

Lezi zithandani ezineminyaka engaphezu kwemihlanu zithandana zibe nomcimbi omncane ngempelasonto ohlanganise imindeni nabangani.

Zibusiswe ngengane yomfana.

Congratulations darlings. #loveliveshere #happyday #maritalbliss #thengomas

A post shared by Abongile Madyibi (@abongilemadyibi) on

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-24°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-23°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...