IZITHOMBE: Owayelingisa kuGenerations egcagcela ikhansela

2017-12-05 09:30

EThekwini - Bekumnandi kudelile emndenini kaXoli Zondi owayelingisa kuGenerations egcagcela ikhansela laseMzumbe uPhiwokuhle Zamisa.

Lo mcimbi wezinsuku ezimbili wenzele ekhaya kwaZamisa eTurton eMzumbe.

Le ntokazi yafika ngoMgqibeo ivunule iyinhle izokwaba iphelezelwa abashayi bengoma kanye nezihlobo zakubo.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Uthenjiswe umshado umsakazi woKhozi FM

Lo mcimbi uqale ngomshado omhlophe obusesontweni iCity Hill Church eHillcrest, ngoLwesihlanu.

Umfowabo kamkhwenyana omdala uSgwili Zamisa uthe bebewubheke ngabomvu lomshado.

"Namuhla umakoti ungowethu, siyamthanda kakhulu futhi ngibona nokuthi umfowethu ugcine esemlethile umakoti ekhaya,"kusho uZamisa.

Umakoti utshele abeDaily Sun ukuthi ukuthakasele kakhulu ukuthatha isikhundla sakhe njengomakoti.


This is love.

A post shared by Xoli Zondi (@xolizondi) on

Ngyamthanda lombhemu?

A post shared by Xoli Zondi (@xolizondi) on

A post shared by Xoli Zondi (@xolizondi) on

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 18-25°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-22°C Numerous showers. Cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 18-22°C a few showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...