Izithombe nohlu oluphelele lwabawine kuma-BET Awards

2017-06-26 09:31

Los Angeles – Intokazi yaphesheya engumrepha, uRemy Ma, ivele yaqeda nya ngokukhonya kwembangi yayo enkulu, uNicki Minaj, emcimbini wokuklomelisa ngezindondo ama-2017 BET Awards njengoba bese kuphele iminyaka eyisikhombisa elokhu (Minaj) ezidlela amahlanga ngezindondo kulo mcimbi.

UMa, nowaphuma ejele ngonyaka ka-2014, ukhale wemuka nendondo ye-Best Female Hip hop Artist ngeSonto eLos Angeles, eMelika, nokuyindondo uMinaj abelokhu eziwinela yona kusukela ngonyaka ka-2010.

“Ngifuna ukubonga uNkulunkulu okokuqala nokubalulekile,” kusho uMa, nowawina le ndonda nangonyaka ka-2005. “Ungawenza amaphutha bese uyabuya.”

NgoMashi, uMa wakhipha ingoma esihloko sithi Shether nalapho ayeshiya khona angalazi kuMinaj, nokuyingoma eyathola okhulu ukunconywa abahlaziyi kanye nabalandeli bomculi weHip hop. UMinaj akazange aphendule kule ngoma.

OLUNYE UDABA:Umlingisi wakuleli uzophatha uhlelo kuma-BET Awards – Imibiko

UBeyoncé, nobekusanda kubikwa ukuthi ubelethe amawele ngaphambilini kule nyanga, ubehamba phambili ngokuphakanyiselwa emikhakheni eyehlukene kulo mcimbi njengoba ebephakanyiselwe emikhakheni eyisikhombisa. Uwine indondo ye-Viewer's Choice Award yize noma ebengekho ukuzoyamukela ngokwakhe. Udadewabo  kaBeyoncé omncane, uSolange, ujabule wafa njengoba ewine iCentric Award, ekubeni vele ubehlanganisa iminyaka engu-31 ngoMgqibelo.

Umrepha uKendrick Lamar ukhale wemuka nendondo ye-Best Male Hip hop Artist.

Umculi uBruno Mars naye ube ngabanye babaculi abawinile njengoba ewine indondo yeBest Male R&B/pop Artist.

Ngale kwalokho, isihlabani somculi wakuleli esihlonishwa umhlaba wonke, uYvonne Chaka Chaka, uhloniswe ngendondo ye-Global Good: Power Award.

Lo mcimbi uzosakazwa ngoLwesibili, mhlaka-27 kuJuni ku-BET (DStv 129) ngo-20:00.

Zibonele uhlu oluphelele lwabawinile ngezansi: 

— Video of the year: Bruno Mars, "24K Magic"; Beyoncé, "Sorry"

— Best male R&B/pop artist: Bruno Mars

— Best female R&B/pop Artist: Beyoncé

— Best male hip hop artist: Kendrick Lamar

— Best female hip hop artist: Remy Ma

— Best new artist: Chance the Rapper

— Album of the year: Beyoncé, "Lemonade"

— Best group: Migos

— Best gospel/inspirational award: Lecrae

— Best collaboration: Chance the Rapper featuring Lil Wayne and 2 Chainz, "No Problem"; Migos featuring Lil Uzi Vert, "Bad and Boujee"

— YoungStars award: Yara Shahidi

— Viewers' choice award: Beyoncé, "Sorry"

— Centric award: Solange, "Cranes In the Sky"

— Video director of the year: Beyoncé and Kahlil Joseph, "Sorry"

— Best actor: Mahershala Ali

— Best actress: Taraji P. Henson

— Best movie: "Hidden Figures"

— Sportswoman of the year: Serena Williams

— Sportsman of the year: Stephen Curry

— Humanitarian award: Chance the Rapper

— Lifetime achievement award: New Edition

— Best international act, Europe: Stormzy, England

— Best international act, Africa: Wizkid, Nigeria

Zibonele ezinye zezithombe zalo mcimbi ngezansi: 

(Izithombe: AP)

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uyashiya kwi-RGB umsakazi

2017-07-25 16:00
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...