IZITHOMBE: Isiqephu sokugcina sikaDumi Masilela kuRhythm City

2017-10-12 18:01

Cape Town - Izolo ebusuku ababukeli bamabonakude kuleli bavaleliswe okokugcina ngumlingisi obeyintandokazi kuRhythm City obedlala indawo kaS'fiso Ngema, owashona ngemuva kwesigameko sokudunwa imoto - uDumi Masilela.

"Kuzolunga," kucula uDumi Masilela ngesiNgisi kulesi siqephu esisakazwe ngoLwesithathu kusihlwa, kwase kunyuka amagama okusho ukuthi bekungokokugcina bebona uS'fiso kulo mdlalo.

Kula masonto ambalwa ezayo abalingisi beRhythm City bazozwa ngezindaba ezishaqisayo zokudlula emhlabeni kukaS'fiso odutshulwe ngesikhathi izigebengu zizama ukumduna imoto, wabe eseyashona.

Lokhu kuzolandelwa yisiqephu esiyisipesheli ngoLwesithathu oluzayo, mhlaka-18 Okthoba lapho kuzobanjwa inkonzo yakhe yesikhumbuzo bese kuvela umama wakhe uSabatha Magdeline kanye nomfowabo uThabani Masilela kulo mdlalo.

UMasilela wadlula emhlabeni ngomhlaka-2 Agasti ngemuva kokuthi izigebengu zazama ukumduna imoto yakhe zabe seziyamdubula.

Ukushona kwakhe kwashiya ozakwabo bekhungathekile, kwadingeka ukuthi batholelwe usizo lokwelulekwa ngokwengqondo.

Ophrojusa balo mdlalo bathola imvume emndenini kaMasilela ukuze umlingiswa uS'fiso ezoshona ngendlela efanayo nokwashona ngayo uMasilela okwangempela.

IZITHOMBE:

Dumi Masilela

Dumi Masilela

Dumi Masilela



- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...