IZITHOMBE: Inkonzo yesikhumbuzo kaDumi Masilela

2017-08-10 12:30

Cape Town – Umlingisi weRhythm City osanda kudlula emhlabeni, uDumi Masilela, uhlonishwe ngenkonzo yesikhumbuzo ebivusa umunyu eGoli ngoLwesithathu.

Abangani kanye nomndeni bakhumbule uDumi njengendoda “ebiqotho” ebinekhono futhi ikwazi ukwenza izinto eziningi. Ubudlelwano bakhe obuqinile noNkulunkulu nabo buphinde kwakhulunywa ngabo kule nkonzo.

Lo saziwayo obenamakhono amaningi washona ngoLwesithathu olwedlule, kulandela isigameko sokuzama ukuduna. Wadutshulwa engxenyeni engaphezulu yomzimba kanti ngokuhamba kwesikhathi washonela esibhedlela ngenxa yalokhu kudutshulwa. Unkosikazi kaMasilela, uSimphiwe Ngema, wayenaye ngemizuzu yokugcina, emduduza ngaphambi kokuba ayiswe egujini okuhlinzelwa kulo iziguli.

OLUNYE UDABA: Kumiswe ukuqoshwa kweRhythm City kushona umlingisi

“UDumi ubeqinile kakhulu futhi yilapho ngithola khona ukuqina kwami,” uSimphiwe usho kanjalo kule nkonzo yesikhumbuzo yomyeni wakhe.

Ekhuluma ngobudlelwano bakhe noNkulunkulu, uthe, “Kodwa uNkulunkulu usewuNkulunkulu. Futhi okungiduduzayo ukuthi ngibone uNkulunkulu kuDumi. UNkulunkulu ubephila kuyena.”

Zibonele ezinye zezithombe zenkonzo yesikhumbuzo ngezansi:

Dumi Masilela

Dumi Masilela

Dumi Masilela

Dumi Masilela

Dumi Masielal

Dumi Masilela 

(Izithombe: Gallo)

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 18-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-25°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-23°C More clouds than sun. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...