IZITHOMBE: Bekunje emcimbini iWine Wednesday Picnic eThekwini

2018-03-22 18:00

eThekwini - Baphume ngobuningi babo abathandi bobumnandi kwehlule ngisho isimo sezulu singesihle kahle kodwa baphikelela khona emcimbi iWine Wednesday Picnic.

Lo mcimbi ububanjelwe eWhirling Wheels Club, eCobham Grove e-Windermere eduzane kwenkundla yezemidlalo i-Moses Mabhida Stadium.

Yize bekungokokuqala kubanjwa lo mcimbi, abahleli bawo bathi uzophindwa njalo ngemuva kwezinyanga ezintathu.

Ngokusho komhleli walo mcimbi odume ngelikaDogg DBN, isu lokwenza lo mcimbi lisuselwe kuleyo evame ukwenziwa njalo ngoLwesithathu endaweni yokucima ukoma i-Zorka Lounge esemgaqweni wodumo uFlorida Road.

EZorka lo mcimbi usuke wenzelwe ukuheha abesimame nokukhuthaza ukuba bazithande ngoba kuyaye kube nomgomo wokuthi akangeni owesimame ongawagqokile amaxhumela.

OLUNYE UDABA: UMinnie Dlamini uthi akanandaba nabathi usekhuluphele

Yize kunjalo, ziba khona izifundo ezinhle ezifundiswa abantu abahambele lo mcimbi ngoba kuyaye kube nezingxoxo ngokuziphatha, ukugwema ukuthandana namadoda amadala, ukukhuthaza kokusetshenziswa kwamakhondomu nokunye.

Njengoba lo mcimbi usuwenziwe wamkhulu futhi wenzelwa nasendaweni evulekile, bekufike abantu abaningi bezozibonela ngawabo ukuthi bekwenziwani.

Bekumenywe nentokazi eyintandokazi kumabonakude uBoity Thulo ukuba yingxenye yalo mcimbi njengoba efike wakhangisa nangemikhiqizo yakhe.

UDogg uthe ujabule kakhulu ngendlela obekugcwele ngayo futhi wathembisa okufanayo nangokuzayo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...