IZITHOMBE: Bekundiza ikhekhe ephathini kaZodwa Wabantu

2017-10-31 16:00

Durban - Bekundiza ikhekhe eguba usuku lakhe lokuzwala unontandakubukwa onguZodwa Wabantu, emcimbini obubanjelwe eMashamplanez Lounge, eChesterville.

Abantu bebephume ngobuningi babo bezozibonela njengoba ayekhiphe isimemezelo sokuthi akawafuni amaphenti kulabo abazobe bezokwethamela lo mcimbi.

Nebala abantu abaphoxanga njengoba baphume ngobuningi babo ukuzibonela le ntokazi edume ngokungadilozi nokushaya imidanso yayo esakufequza, igubha iminyaka engu-33 idla anhlamvana.

UZodwa kulo mcimbi ubedansa kuze kuvele isitho sakhe sangasese.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: UZodwa Wabantu nesifiso sokuhlangana noMugabe

Kuphinde kwabonakala ikhekhe selindiza emoyeni, kubhixwana ngalo abanye bze bakhothane lona emzimbeni.

Esethula inkulumo yakhe yokuzibongela ngabantu abafikile ukuzomsingatha kulo mcimbi uthe: “Angiyi ndawo kulo mkhakha kaqedisizungu. Ngiyamubonga uDj Tira njengoba kunguyena ongiphe leli thuba lokuthi ngibizwe nasemazweni angaphandle.

"Ngelinye ilanga ngiyomakhela umuzi ngiphinde ngimthengele nemoto, ngiyanibonga ngokuphuma ngobuningi benu ukuzoba kanye nami ngigubha usuku lwami lokuzalwa” kusho Zodwa.

Kulo mcimbi bekunandisa uTipcee obeshaya izingoma zakhe ezibhekwe kakhulu ukuthi zihlukanise unyaka ehambisana noDj Tira, Prince Bulo, Gukwa kanye nabanye.

IZITHOMBE:


Ngiyabonga kakhulu birthday celebration?????????????????@starlight_picturez

A post shared by zodwalibram (@zodwalibram) on

Ngiyabonga kakhulu birthday celebration @slot_themc????????? @starlight_picturez

A post shared by zodwalibram (@zodwalibram) on

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...