Izinto ezinhlanu okumele uzazi ngama-DStv Mzansi Magic Viewer's Choice Awards
2017-08-25 14:01
Cape Town – Osaziwayo baseNingizimu Afrika abavelele bazohlonishwa emcimbini wezindondo wokuqala ngqa, ama-DStv Mzansi Magic Viewer's Choice Awards.
Ababukeli bathole ithuba lokuvotela osaziwayo ababathandayo emikhakheni engu-10 nalapho kukhona osaziwayo abadumile emkhakheni wezokulingisa, ezomculo, ezemidlalo, amahlaya kanye neminye.
1 Kuphi futhi nini
Lo mcimbi uzobanjelwa eSandton Convention Centre ngoMgqibelo mhlaka-26 Agasti kanti uzosakazwa bukhoma kuMzansi Magic (DStv 161), ngo-20:30.
OLUNYE UDABA:UBonang uzophatha uhlelo kuma-awards amasha eMzansi Magic
2 Uzosakazwa bukhoma kusuka kukhaphethi obumvu
Ngaphambi kokuba umcimbi uqale osaziwayo bazobe bethwabaza kukhaphethi obomvu. Lokhu kusakaza bukhoma kuzoqala ngo-19:30 kusihlwa kuMzansi Magic (DStv 161).
Ngaphezu kwalokho ungabheka neChannel24 ku-Instagram njengoba izobe ikubikela ukusuka nokuhlala ngosaziwayo bakho obathandayo kukhaphethi obomvu.
3 Umphathi wohlelo
Umethuli wezinhlelo zikamabonakude, uBonang Matheba, uyena ozobe engumphathi wohlelo. UQueen B uphinde waphakanyiselwa emkhakheni womethuli wezinhlelo kumabonakude ovelele.
4 Abaphakanyisiwe
Bangu-50 osaziwayo balapha eMzansi abaphakanyiselwe emikhakheni yezindondo eyishumi nokubalwa kuyo: umlingisi wesilisa ovelele, umlingisi wesifazane ovelele, u-DJ kanye nosomahlaya ovelele.
Zibonele bonke abaphakanyisiwe lapha
Osaziwayo akusibo kuphela abantu azowina.
Indondo ye-1Life Life Changer award ihlose ukuhlonipha amaqhawe enza umehluko emiphakathini nsukuzonke.
Owinile kanye nalowo ophakamise igama lakhe bazogoduka nesamba semali engu- R50 000.
Umvoti oyedwa onenhlanhla uzophinde awine u-Kia Picanto.
5 Ezokujabulisa
Kulo mcimbi kuzonandisa abanye babaculi abangaconsi phansi kuleli, nokubalwa kubo uCassper Nyovest, uDJ Cleo kanye noWinnie Khumalo, uHugh Masekela, uThandiswa Mazwai kanye nabanye abaningi.
- Channel24