Izinsongo kohola abeNdidane

2016-08-29 19:03

Durban - Usabisa ngokuhlakaza iqembu elisha likamasikandi umholi wabalandeli baMtshengiseni ‘iNdidane’ Gcwensa (ongasekho emhlabeni) ngoba ethi kukhona abacekela phansi umsebenzi weNdidane elisebenzele kanzima, kubika iphephandaba ILANGA.

UVeloh Bhengu osekunguyena owengamele izinto ezithinta iqembu leNdidane, aMageza Amahle, uthi akukho okuzomhlula ukuqeda ngawo wonke amaqhinga enyanga yaseThekwini, uZamokwakhe ‘ Bhaka’ Nzama, osekuvele ukuthi ngenyanga ezoqala uzosungula iqembu elizobizwa ngaMageza Amahle Angempela elizobhekana ngqo naMageza Amahle eNdidane aseholwa nguPotso Ngobese.

Leli qembu likaBhaka kubikwa ukuthi lizoholwa nguMhawukeleni Bhengu (iSchomane sikaBhaka) esisha esilandwe emuva kokuba uTsayela Bhengu obekade edume ngelikaSchomane sikaBhaka ekhale wemuka ethi kade engasabhekani nabalandeli beNdidane bemsola ngokuthi untshontsha izingoma ezaziqoshwe yiqhawe labo.

Funda nalolu daba: Ubungathi yingane encane oweSABC eThekwini

UVeloh uthi usekhathele yimikhuba kaBhaka ngoba sekukaningi emkhuza ethi akahlukane nokuhlukumeza Amageza.

“ Yini ezongehlula ukuqhelisa uMhawukeleni ngoba ngowakithi ngesibongo, ekubeni ngakwazi ukuqhelisa uStayela Bhengu?” kusho uVeloh.

Iphephandaba lithi ngesikhathi lithinta uBhaka uthe alikhulume noKhathalani obhekele umsebenzi weqembu elisha.

UKhathalani osebenze kakhulu neNdidane uthi sekuyisikhathi sokuba kuvele iqiniso lokuthi yimaphi Amageza angempela.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...