Izingane zikaMandoza zizothatha indawo kababa wazo emcimbini

2016-11-20 17:37

Johannesburg – Kulindeleke ukuba izingane zomculi wekwaito ongasekho, uMduduzi “Mandoza" Tshabalala, zinandise emcimbini iBrown Dash Tribute Concert.

Lo mculi ongasekho owaduma ngeculo elithi Nkalakatha ubephambili ngesikhathi kuhlelwa lo mcimbi okwakumele wenzeke kanti uzoshona sekusele amasonto amabili ubanjwe.

Inkosikazi kaMandoza, uMpho Tshabalala, uthe amadodana abo oTokollo noKarabo, akhethe ukuqhubeka lapho ubaba wabo eshiye khona.

OLUNYE UDABA: UMandoza uphelele ngaphandle kwesango lesibhedlela

“Abafana beze kimi bacela ukuthi banesifiso sokuthatha indawo kababa wabo njengoba ayevele ehlelelwe ukuba anandise kulo mcimbi.

‘Bajabule kakhulu ukuba yingxenye yawo. Ngizwe kuthiwa nezingane zikaBrown Dash zizobe zikhona nazo esteji. Abafana abafuni ukubona umlando kababa wabo ushabalala,” kusho uMpho.

UMandoza wadlula emhlabeni ezinyangeni ezimbili ezedlule ngemuva kokuxinwa umdlavuza.

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...