Izindaba ezizojabulisa abalandeli boMzansi Magic ne-The Queen

2017-03-14 11:02

Cape Town – Kunezindaba ezizojabulisa abalandeli bomdlalo oyintandokazi kumabonakude odlala kuMzanzi Magic, i-The Queen.

Lo mdlalo oyintandokazi odidiyelwa yizithandani zakwaFerguson, uConnie noShona, usozobonakala ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.

Okhulumela iMzansi Magic, uBongiwe Metsing, uthi, "I-The Queen isizosakazwa izinsuku ezinhlanu ngesonto kusukela ngomhlaka 31 Julayi, kanti izoqhubeka nokudlala ngesikhathi esifanayo.”

OLUNYE UDABA: UBabes Wodumo 'uvuke' ngonyanyavu lwemoto

Lo mdlalo oqukethe izihlabani zabalingisi ubonakale uthakaselwa kakhulu ngababukeli kanti futhi usuwelule inkontileka yokuba kubekhona isizini yesibili.

Lesi siteshi sizophinde sibenemidlalo emisha, iNumber Number, kanye neKhaya.

Imidlalo ezokhuza ibuya ihlanganisa: iRing of LiesIgaziIs’thunzi kanye ne-Lockdown.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: -4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 6-17°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...