Iyashiya intokazi yakwaMdoda ku-OPW

2017-08-23 16:01

Johannesburg - Sekuqinisekisiwe ukuthi umethuli wohlelo oluyintandokazi kwabaningi kumabonakude i-Our Perfect Wedding, olutshengisa kuMzansi Magic, uyashiya maduze ohlelweni.

UThembisa Mdoda useyashiya kulolu hlelo kanti imithombo yangaphakathi kuMzansi Magic iqinisekise ukushiya kwakhe kwabephephabhuku iDrum.

OLUNYE UDABA:Kumenyezelwe umethuli omusha we-OPW

Inkontileka yalo methuli wohlelo isiphelile kanti abaphathi balolu hlelo i-OPW sebezoqala ukufuna umethuli wohlelo omusha.

Abaphathi bohlelo bazolihamba lonke izwe behamba behlola amakhono abantu abafisa ukuba ngabethuli bohlelo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 19-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...