Ixoshiwe emsebenzini ingoduso yomdlali webhola

2016-06-15 12:31

Durban - Ingoduso kaReneilwe Letsholonyane uMpho Maboi iixoshiwe ekusakazeni ezemidlalo kwiMetro FM ngoba ihluleka ukuzehlisa.

Ngokusho kukaKaizer Kganyago okhulumela iSABC ukuqinisekisile ukumiswa kukaMaboi emsebenzini.

"Singakuqinisekisa ukuthi ngeke azwakale emoyeni uMaboi okwamanje, kodwa ngeke sikwazi ukusho okwamanje isizathu salesi sinqumo,"kusho uKganyago.

OLUNYE UDABA:U-Andile Jali ‘uhambise ingoduso’ yakhe emndenini

Ngesikhathi ebuzwa abeSunday World ukuba aphawule ngokuxoshwa kwakhe uMaboi, uvele wadinwa wavala ucingo.

Imibiko evelile ithi le ntokazi ixoshiwe ngemiva kokuthi imihlangano abenayo ne-SABC angabi nemiphumela emihle.

Kuleyo mihlangano, uMaboi wacelwa ukuthi axolise kuKganyago kodwa kwanhlanga zimuka nomoya ngoba washaya phansi ngonyawo

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-24°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-23°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...