Iwadide kakhulu amaphoyisa indaba yomsolwa ongafuni ukubekwa icala

2017-09-10 09:04

eGoli - Amaphoyisa adidekile ngodaba lwalowo osolwa ngokubulala umlingisi uDumi Masilela ngenyanga edlule.

Kuthiwa lo msolwa akafuni ukusebenzisana namaphoyisa kanti lokhu kuvezwe wumseshi ophethe leli cala enkantolo.

Lo mseshi utshele inkantolo ukuthi umsolwa akafunanga ukubekwa icala.

"Ngesikhathi ngigcina ukuya ejele laseModderbee, umsolwa akafunanga ukuba abekwe icala wathi ufuna ukuxhumana nommeli wakhe,"kusho umseshi uMthokozisi Ngwenya enkantolo kaMantshi eBenoni.

OLUNYE UDABA:BUKA: Itshe lethuna likaDumi Masilela lika-R160 000

IMantshi elalele leli cala u-Elmari Schutte utshele abashushisi ukuthi: "Uyindoda, thatha amanye amadoda anjengawe, nihlale phezu kwakhe, kodwa ningamlimazi, ningamenzi ophe, thola amanye amadoda nimubambe ngenkanti nithathe ama-fingerprint akhe.

"Amaphoyisa kumele amchazele ukuthi azosebenzisa amandla awo uma kunesidingo, kuzoba yiphutha likabani uma elimala? Yenzani lokhu okumele kwenzeke."

- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...