Ivumile ukuthi isithenjiswe umendo ekaLoliwe

2016-06-10 12:31

Durban – Amahlebezi wokuthi uZahara uceliwe aqala ngoMfumfu wonyaka odlule kodwa engavumi ukuthi kunjalo, kubika iSowetan.

Le ntokazi nesoka lakhe elinguDJ kuMhlobo Wenene FM u-Amaza Ntshanga baneminyaka emine bethandana kodwa benamahloni okukhuluma ngothando lwabo.

OLUNYE UDABA:Kuqale u-2015 ngibizwa ngesidakwa, ngaphumelela - Zahara

Le ntokazi isize yaphumela obala ngokuthi isiceliwe ngemizamo yokubhula lama hlebezi okukade emlandela.

Ekhuluma nabe-TMG Entertainmen emcimbini kaDJ Sbu wokubuyela emsakazweni, uZahara uthe: “Yebo ngiceliwe kodwa ngeke ngisho ukuthi ubani ongicelile,”

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...