AbeTwitter basola ukungezwani kwamakhosikazi kuThando Nes'thembu

2017-06-30 14:01

Johannesburg - Siya ngokushuba isimo ohlelweni oluyintandokazi kubantu abaningi kuleli Uthando Nes'thembu njengoba nabalandeli balo beqagula ukuthi ikhohlisana ihlomile kumakhosikazi.

Abalandeli bohlelo bebebuka ngesikhathi amakhosikazi ephinde etshengisa ukungezwani ngoLwesine, kanti abasebenzisa izinkundla zokuxhumana ikakhulukazi iTwitter sebemaqembu qembu ngokweseka amakhosikazi.

OLUNYE UDABA: BUKA: UMaCele uthi akudikizi nqulu ngokukhulunywa ezinkundleni

Uma ubuka uhlelo manje uqhathanisa nangesikhathi lusaqala sekuyavela kancane kancane ukuthi akukho ukujabula.

ITwitter iphayize ilambu elibomvu ngesikhathi ababukeli bebukisisa bebona 'ukungezwani' kwaMacele othanda ukukhuluma, uMayeni ozifelayo nge-candy crush kwiselula yakhe, uMaKhumalo oyintandokazi yeningi noMaNgwabe oyisithwandwa.

- TWITTER:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...