Ithuba eliyinqayizivele kuNandi Madida

2017-08-19 14:59

Durban - UMethuli wezinhlelo wakuleli uNandi Madida usanda kumenyezelwa njengowokuqala wasezwenikazi lase-Afrika ukuphatha umcimbi we-AFROPUNK FEST ozoba seMelika ngempelasonto ezayo.

Le ntokazi ithathele ezinkundleni zokuxhumana izwakalisa injabulo yayo ngalokhu.

Akugcini lapho ngoba impela okuhle kuyayilandela le ntokazi njengoba ngoLwesine imemezele ezinye izindaba ezimnandi.

OLUNYE UDABA:UNandi Mngoma uthi isoka limkhumbuza uyise ngempatho yalo

Le ntokazi ithole umsebenzi wayo wokuqala wokusakaza nge- Coke Radio Studio Hour.

Abakwa-Coke bebambisene nabe-California’s Radio Express nokusho ukuthi uhlelo lwale ntokazi uzolizwa noma ngabe yikuphi la ukhona e-Afrika.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...