Isoka likaDJ Zinhle libhekene namacala okukhwabanisa

2017-04-03 19:32

Johannesburg - Isoka likaDj Zinhle uBrendon Naidoo lisolwa ngokuqola othisha kanye nabanye abadla impesheni.

Kubonakala sengathi bonke lobu bukhazikhazi esibubona ezinkundleni abulona iqiniso njengoba leli soka lisolwa ngokuqola abantu izigidi zamarandi.

Ngokubika kweSunday World usomabhizinisi uThapelo Tshepe uvulele uBrendon icala lokukhwabanisa.

Kuthiwa uBrendon wasebenzisa izitatimende zasebhange ezingekho emthethweni wakhohlisa abantu ngokuthi bangenza izigidi zamarandi ngohlelo lokuhweba iForex trading.

UThapelo utshele leli phephandaba ukuthi wanikela uBrendon uR3 milion ngo-2014, waze emnika omunye uR1 milion ngokuhamba kwesikhathi.

OLUNYE UDABA:Ulibhunyele ngekhemikhali isoka elilobole enye intombi

Ngokusho kwaleli phephandaba, uNaidoo waqola abantu imali engango-R15 million ethi uzobahwebela yona.

UThapelo uthi uyena owayekhankasa eheha othisha asebathatha umhlala phansi ukuba bajoyine lolu hlelo.

Ummeli kaBrendon u-Idemudia Uriesi uthe: "Ngiyazi ngalezi zinsolo ezenziwa wuTshepe kodwa ngeke ngikwazi ukukhuluma ngazo. Sekuphele izinsuku ezimbili ngingamuboni uNaidoo kodwa ngizokhuluma naye ngalolu daba uma sixhumana futhi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...