Isizokwenziwa ngoWhatsApp inhlolokhono ye-SA's Got Talent

2017-05-17 19:32

Cape Town – Umncintiswano wokuvundululwa kwamakhono usuvule ithuba lokwenza inhlolokhono (audition) kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ngokusebenzisa inkundla yezokuxhumana eyintandokazi kuleli, uWhatsApp.

Lokhu kusho ukuthi manje noma ngabe ubani one-smartphone noWhatsApp usengenza inhlolokhono ngokucindenzela nje umakhalekhukhwini wakhe, kungakhathalekile ukuthi ukuphi nezwe.

OLUNYE UDABA: Sebemenyezelwe osaziwayo abazophatha uhlelo kuma-Samas

Nakhu ongakwenza ukuhlolwa ikhono kwi-SA's Got Talent usebenzisa uWhatsApp:

• Faka inombolo yeSA’s Got Talent’s (060 485 6175) lapho okugcinwa khona izinombolo kwi-smartphone yakho.

• Ngena kwi-App yaWhatsApp efonini yakho.
• Qala ingxoxo entsha ne-SA’s Got Talent.  

• Qopha i-video yakho yehlolokhono bese uyifaka kuWhatsApp.

• Faka igama lakho, iminyaka, idolobha kanye nemininingwane ongathintwa kuyo.

• Gcindezela u-SEND (thumela). 

Ukungenela ngoWhatsApp kuvalwa ngoLwesithathu ebusuku, mhlaka-31 Meyi 2017.

Kuleli sonto inhlolokhono izobe yenzelwa eThekwini, enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida Stadium (44 Isaiah Ntshangase Rd, Ethekwini). Amasango azovulwa ngo-07:00.

Labo abazobe beze kwinhlolokhono banxuswa ukuba bafike ungakashayi u-12:00, kungenjalo angeke baze besavunyelwa ukubamba ulayini.

Abaneminyaka engaphansi kwengu-18 ubudala kufanele bagadwe umuntu osekhulile. Abantu baseNingizimu Afrika kuphela abazohlolwa ikhono. 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 13-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-25°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C a few showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...