ISITHOMBE:UZodwa Wabantu uthi akasiso isitabane kodwa akajoli namuntu

2017-08-15 16:00

Durban - UZodwa "Wabantu" Libram odume ngemidanso yakhe endaweni yobumnandi eseMlazi, eYadini Lounge, usechithe imibiko ethi uyisitabane futhi ujola nowesifazane ogama lakhe nguThusi.

UZodwa, uthe nakuba eweseka kakhulu umphakathi wezitabane, iLGBTI, uyazifela ngesilisa.

Utshele iTshisaLIVE ukuthi ubazi ngale mibiko emcaphune ethi ufuna ukwakha umuzi wakhe nowesifazane.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: UZodwa Wabantu uthi bujwayeleni ubuso bakhe

"Lalela, mayelana nezothando, njengamanje angijoli namuntu kulandela ukuhlukana nesoka lami. Angibathandi abantu besifazane ngaleyo ndlela. Sengike ngaqabulana nabantu besifazane kanti futhi ngikholwa wukuthi kunesithombe esizungezayo esingitshengisa ngiqabula owesifazane, kodwa bekungasho lutho. Ngiqabula abantu abaningi uma ngisemicimbini ngoba ngibathandani abalandeli bami. Kodwa angisiso isitabane," kusho uZodwa.

UZodwa uphinde wachaza ukuthi unabangani abaningi abasemphakathini we-LGBTI, abathanda ngenhliziyo yakhe yonke. Uphinde wachaza nokuthi akathandani namuntu ngoba "ubeseyinkinga" kuloyo abethandana naye.

"Izikhathi engisebenza ngazo nanesimo sezimali kusuke kwayinkinga kuye. Ngicabanga ukuthi ubesaba kanti nami angikwazi ukuba nesoka elicabanga ukuthi kulungile ukuthi ngingalipha imali.

"Noma ngabe ngihola malini, ngisamdinga ukuthi abeyindoda kubudlelwano bethu. Ngakho-ke ngadumala ngesikhathi selingitshela ukuthi sekunoqhekeko phakathi kwethu kodwa nami bengingeke ngiluthenge uthando," usho kanje echaza.

UZodwa udume ngemidanso yakhe okubalwa kuyo iVosho, izimpahla zakhe ezincane nangokungaligqoki idilozi.

 - TWITTER:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...