ISITHOMBE: Uyakhala umsiki wengqephu ngokwenziwe abeSibaya

2018-01-13 13:12

eGoli - Umsiki wengqephu u-Asanda Madyibi ukugxeke kakhulu lokhu okwenziwe ngabohlelo Isibaya ngemuva kokuba kuphume izithombe zengubo efana ncamashi neyakhe.

Le ngobo yileyo eyayigqokwe ngumethuli wezinhlelo uMinnie Dlamini ngomembeso wakhe ngonyaka odlule.

Lolu hlelo lwenze ingubo kanye nesicholo esifanayo lwenzela umingiswa uZama odlalwa wuLinda Mtoba.

Lokhu kuvele kokuqala ezinkundleni zokuxhumana kuvezwa ngaseZalebs nokuyizithombe ezithathwe kusasetshenzwa kwiSibaya.

OLUNYE UDABA:UKhanyi Mbau uveze ukuthi uthando olwenele, ememezela eyokwehlukana nesoka lakhe

UMadyibi uthi kumphatha kabi lokhu akubonile ngoba akazange anike muntu imvume yokuba kwebiwe ingubo ayenziwe.

Lo msiki wengqephu uthi lolu hlelo lunezinkulungwane zabalandeli abazobona lomhlola wengubo abawenzile kwehle isithunzi sengubo yakhe futhi bazomlahlekisela nangamakhasimende angomuso.

Ngesikhathi abezindaba bexhumana nabeMzansi Magic, bathe bazoxolisa kakhulu kumlingisi uMinnie Dlamini kanye nakumsiki wengqephu u-Asanda Madyibi ngalokhu okwenzekile, kubika iSowetanLive.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...