ISITHOMBE: USophie Ndaba ngosuku lomshado wakhe wesintu

2018-03-22 16:00

Cape Town - Umlingisi wakuleli uSophie Ndaba usegcine ephumele obala ngesithandwa sakhe esingusomabhizinisi uMax Lichaba.

Lokhu kulandela amahlebezi ezinyanga ezimbalwa zokuthi le ntokazi kanye nesinqandamathe sayo baba nomshado wangasese.

Basanda kuphumela obala ohlelweni iTop Billing ngothando lwabo.

"Abafowabo bangabangani bami, kanti sahlangana kanjalo," kusho uNdaba.

Uthi wayengakholwa wukuthi lo osengumyeni wakhe manje akanaye umuntu athandana naye kwaze kwaba wukuthi umndeni wakubo uyamgqugquzela ukuba akazisondeze.

OLUNYE UDABA:Seningangibiza ngoMrs Ngandu, kusho owayelingisa kuMuvhango

UMax uthi wazama ukuzisondeza kule ntokazi kodwa yayingamniki nelincane ithuba.

"Ngazama ukwenza isiqinisekiso kuyena ukuthi angithandani namuntu, kodwa wayengangikholwa," kuqhubeka yena.

UNdaba uthi uMax kudala ezama ukumcela umshado, kodwa ekugcineni sekuze kwalunga konke.

UMax ubabele ezinkundleni zokuxhumana wafaka isithombe sabo somshado wesintu.

Team Lichaba

A post shared by Max Lichaba (@maxlichaba_) on

- Drum

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...