ISITHOMBE: USkolopad nendodakazi, kwesobunqunu

2017-09-19 15:59

Durban - USkolopad umemezele ukubuya kwakhe ngezinkani ngesithombe esisuse omkhulu umsindo ezinkundleni.

Le ntokazi ogama layo langempela wuNonhlanhla Qwabe, ufake ezinkundleni zokuxhumana isithombe sakhe nendodakazi yakhe u-Amzozo Qwabe,17, bezimboze ngeshidi.

Lesi sithombe asehlanga kahle ebantwini abaningi, babodwa abasithandile, kodwa futhi kukhona nalabo abagxeke ukuthi lo nontandakubukwa usefake ingane kule mikhuba yakhe yobunqunu.

Ekhuluma nabephephandaba i-Daily Sun, uSkolopad uthe: “Abantu abangasithandi lesi sithombe abangisizi ngalutho vele."

OLUNYE UDABA:USkolopad ukhihle esikaNandi ngokukhishwa ehhotela 'ngokungagqoki kahle'

Uthi uveza izithombe ezithathwe eBethlehem ngoMsombuluko, kanti ngalezi zithombe umemezela ukubuya kwakhe ngemuva kokuthatha ikhefu abelidinga.

"Bengingekho ezinkundleni zokuxhumana kusukela ngomhlaka 31 Agasti kuya ku-15 Sempthemba 2017, kanti le yindlela engibingelela ngayo abantu ekukade ngabagcina nabangikhumbulayo," kuqhubeka yena.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...