ISITHOMBE: Uphuthunyiswe esibhedlela uSkolopad

2017-08-21 16:00

Johannesburg - Unontandakubukwa wakuleli uNonhlanhla “Skolopad ” Qwabe uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuquleka ngenxa ye-hypokalemia stress.

Kuthiwa lokhu kwenziwa wukukhathala ngenxa yokusebenza kakhulu kwezikaqedisizungu kanye nomsebenzi wakhe wobuhlengikazi.

Ekhuluma nabe-TshisaLIVE ngemuva kokuphuma esibhedlela, uSkolopad obesabuthaka ngemuva kokwelashwa amahora ambalwa esibhedlela.

Uma echaza uthi inhliziyo yakhe ibishaya ngamandla futhi nomfutho wegazi uphansi.

OLUNYE UDABA:Kuthuke abalandeli uSkolopad ememezela ukuthi uzoshumayela enkonzweni

Odokotela bathi ukukhathazeka kanye nokuxineka okwenza abenizinga eliphansi le-potassium egazini lakhe.

Le ntokazi ithi konke lokhu kwenziwa wukuhlukumezeka ekuthola emsebenzini kulabo abayigconayo kanye nokwesaba ukuthi mhlawumbe umsebenzi wayo wokujabulisa abantu kwezikaqedisizungu ungayilahlekisela ngomsebenzi wayo wobuhlengikazi, kubika iSunday World.

USkolopad waduma ngesikhathi efika emcimbini wamaMetro FM Awards egqoke ingubo emveza ubuyena.

ISITHOMBE:

den i end up here??kopa modimo anthuse amphe matla

A post shared by Queen Skolopad Qwabe (@vasilisa_skolopad) on

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...