ISITHOMBE: UBabes Wodumo 'uvuke' ngonyanyavu lwemoto

2017-03-14 09:30

Cape Town – Umculi wakuleli ophinde abe ngumdansi ongaconsi phansi kubalandeli bakhe, uBabes Wodumo, usethenge imoto kanokusho yohlobo lweMercedes-Benz.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule lo mculi wakhipha ingoma eyasusa umsindo nesihloko sithi Mercedes, nalapho asolwa khona kakhulu ngabanye ngokuthi ugqugquzela ukusetshenziswa kwesidakamizwa esaziwa nge-Mercedez.

Kwaphinde kwaba nemibiko yokuthi leli culo selivaliwe emisakazweni yakwaSABC, okubalwa noKhozi FM.

OLUNYE UDABA: Ngeke lizwakale oKhozini iculo likaBabes Wodumo

Kodwa-ke lo mculi waphika wama ngentaba ukuthi leli culo lakhe ligqugquzela izidakamizwa, wathi empeleni limayelana nohlobo lwemoto ewubukhazikhazi, iMercedes-Benz, nokuyimoto athi uyazifela ngayo.

Ngemuva kwalo msindo, uBabes wabe eseqala umkhankaso wokulwisana nezidakamizwa.

Zibonele isithombe saBabes Wodumo nemoto yakhe lapha:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: -4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 6-17°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...