ISITHOMBE: Ngemuva kweminyaka engu-20, intombi yomculi isingunkosikazi

2017-09-12 12:31

Johannesburg - UMandla “Spikiri” Mofokeng ongumculi wekwaito ushade umshado omhlophe ngeSonto.

Ngemuva kokulinda iminyaka engu-20, uSpikiri nesithandwa sakhe babe nomshado emcimbini obungowabakhethekile kuphela eGoli.

Lo mculi utshele isithandwa sakhe uRushka indlela amthanda ngayo kukhona izihlobo nabangani epulazini i-Oakfield, eMuldersdrift.

Ekhuluma nabe-Daily Sun ngalokhu, lo mculi weTrompies uthe: “Bekukuhle kakhulu. Lokhu kuyinto efika kanye empilweni, uma kungukuthi ugcina uyithola. Le mpelasonto yonke ibingeyethu.

"Mina nomkami sibonga kakhulu ukwesekwa kanye nothando esilutholile."

OLUNYE UDABA:Unkosikazi 'uselwamukele' udaba lwezingane zikaGunman

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi ubengasabi na ukuveza indlela amthanda ngayo uRushka phambi komndeni nabangani, uthe:"Benginakho ukwesaba, kodwa ngoba uNkulunkulu ubenami, yini ebengingayisaba?"

USpikiri kanye nomkakhe balibangise e-United States eholidini labashadikazi futhi uthi uzoqinisekisa ukuthi umkakhe uzomnika isikhathi esanele njengoba sebashadile.


- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-27°C Numerous showers. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 22-28°C Showers late. Haze. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...