ISITHOMBE: Izoshiya abaningi bebambe ongezansi incwadi yomdlali webhola

2017-11-19 16:02

eGoli - Incwadi ebizwa ngokuthi yi-The Curse of Teko Modise, ibhalwe nguNikolaos Kirkinis ikhuluma ngempilo yalo mdlali ohlonishwa kakhulu kuleli.

Lo mdlali odume ngelika-General kubalandeli bakhe akabanga nempilo elula neze.

Kuthiwa esaneminyaka engu-8, waxoshwa ekhaya. Kwathi lapho esedume kakhulu ngomsebenzi wakhe, wabhekana nesimo esinzima sokudivosa kanye namahlebezi wokuthi ucwila otshwaleni.

Wayesehlezi evela emaphepheni ngezizathu ezingezinhle.

OLUNYE UDABA:Umnikazi weKaizer Chiefs usinde ehlaselwa ngenguzunga yetshe

Kukho konke lokho wazama ukutakula impilo yakhe kusukela ebunzimeni wadlondlobala nasebholeni.

Le ncwadi izoveza konke ngempilo yakhe, kusukela enhluphekweni, ingcebo, wukuba wumzali, kanye nezigigaba asedlule kuzo.

Lo mgadli uthathele enkundleni u-Instagram ukuveza le ncwadi ethi iqukethe okuningi okuzoshaqa abaningi.

Nasi isithombe:

- Drum

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...