ISITHOMBE: Itshe lethuna lika-Akhumzi Jezile

2018-05-06 12:59

Johannesburg - Umlingisi nomethuli wezinhlelo emsakazweni nakumabonakude u-Akhumzi Jezile ubekwe endaweni yakhe yokugcina ngoMgqibelo kulandela ukudlula engozini yemoto.

U-Akhumzi ufihlwe izolo (05 Meyi 2018) emathuneni aseWestpark, eGoli kanti uphumele eRhema Bible Church.

Inkonzo yakhe yesikhumbuza nibibanjelwe eRhema Bible Church eGoli ngoLwesine.

OLUNYE UDABA:USiyasanga Kobese noThobani Mseleni bazofihlwa ngesonto elizayo

U-Akhumzi udlule emhlabeni engozini kanye nabanye abantu abane okubalwa kubo nosaziwayo ababili, uSiyasanga Kobese noThobani Mseleni abebengakafihlwa.

Le ngozi ephume nale miphefumulo yenzeke ngomhlaka-28 Epreli 2018 e-Eastern Cape.

 - ISITHOMBE:

 - Daily Sun

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...