ISITHOMBE: Isipho sikanokusho u-AKA asithengele uBonang ngoKhisimusi

2016-12-29 11:30

Johannesburg – Intokazi engumethuli wezinhlelo emsakazweni nakubabonakude, uBonang Matheba, usefake enkundleni yezokuxhumana, u-Instagram, isithombe sesipho sikaKhisimusi asithengelwe yisinqandamathe sakhe esingumrepha, u-AKA, kubika iThe Huffington Post.

Lo saziwayo ufake ku-Instagram isikhwama sikanokusho sohlobo lwe-Gucci Dionysus ngoLwesithathu ebusuku nesibiza inani elingu-$3000.

OLUNYE UDABA: Sekuputshuke imiyalezo kaBonang egxeka uMinnie Dlamini

Kubikwa ukuthi uQueen Bee wakhombisa u-AKA lesi sikhwama esikhathini esedlule kanti u-AKA ubelokhu ephezu kwezinhlelo zokumthengela.

Lesi sikhwama sohlobo lweGucci Dionysus siwumkhiqizo omkhulu kunayo yonke yeGucci weFall 2015 kanti siza ngemibala kanye nezitayela ezehlukene.

UMFANEKISO:

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 17-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...