ISITHOMBE: IDrum Boss ithengele uyise umuzi

2018-02-05 14:00

Johannesburg - Ukuba nengane eyisicebi futhi esiphumelele kungenzeka ukuthi kuyiphupho lanoma yimuphi umzali, kanti ubaba kaHeavy K uphila lelo phupho.

Lo DJ womculo weHouse ophinde abenguphrojusa, ujabulise ubaba wakhe ngokumthengela isithabathaba somuzi.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: USkolopad uthengelwe imoto entsha

Lesi sihlabani seculo elithi Inde sifake isithombe sikababa waso emi phambi komuzi wakhe omusha.

Ngokusho kombhalo ohambisana nalesi sithombe esifakwe enkundleni yezokuxhumana i-Instagram, ubaba kaHeavy K kudala ayefisa ukuba nomuzi, indodana yakhe yabe isisifezekisa isifiso sakhe.

"Angikaze ngiziqhenye okudlula indlela engizizwa ngayo manje! Umuzi kababa omusha, ikhaya lami elisha!! Manje usenakho konke ayekufisa!

"Ngoba ngoNkulunkulu akukho okungenzeki futhi ukubona ubaba echiphiza izinyembezi zenjabulo eduze komuzi wakhe nemoto yakhe entsha kungikhumbuze ukuthi kungani ngenza lokhu futhi kungani ngingasoze ngiyeke!" kubhala uHeavy K.

 - Isithombe:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...