ISITHOMBE: Abalandeli bakhathazekile ngesimo sempilo kaRobbie Malinga

2017-09-08 14:00

EGoli - Abathandi bomculo eNingizmu Afrika bakhathazekile ngesimo sikaphrojusa womculo othandwayo kuleli, uRobbie Malinga.

Abaningi bathi akabekwe emthandazweni njengoba ebonakala ehle kakhulu emzimbeni futhi engemuhle kahle.

Kunesithombe sakhe esizungeza ezinkundleni zokuxhumana nokuyisona esenze abantu abaningi bababaza bezwakalisa ukukhathazeka kwabo ngoMalinga ngoba bembona ehlile emzimbeni.

Lokhu kuvela ngemuva kwemibiko eyavela emasontweni ambalwa edlule lapho kwabikwa khona ukuthi uMalinga uphuthunyiswe esibhedlela engemuhle kahle empilweni.

OLUNYE UDABA:Siyelulama esibhedlela isihlabani somculi

Lowo obhekelele izindaba zakhe, uSipho Dube, uqinisekise abalandeli baMalinga ukuthi lo saziwayo uqhuba kahle futhi umatasa nge-albhamu entsha ezophuma kule nyanga.

"Ngingaqinisekisa ukuthi uRobbie akaguli kodwa umatasa nge-albhamu yakhe ebizwa ngokuthi yiKoisan Maxy futhi inezingoma ezingu-10," kusho uDube.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...