Isiteshi sisabisa umsakazi ngesivimbelo senkantolo

2017-03-02 11:02

Durban – Isiteshi somsakazo esizinze eThekwini, i-East Coast Radio, sesisabise lowo owayengumsakazi waso, nokungumsakazi odumile, uKevin Minter-Brown, ngesivimbelo senkantolo kulandela umbhalo wakhe awubhale kuFacebook.

UMinter-Brown waxoshwa ngoFebhuwari kunyaka ka-2016 ngenxa yokuphawula akwenza kuFacebook mayelana nabadlali bomdlalo wokugijima ngamabhayisekila abashayiswa yimoto bashona emgwaqeni lapho ukuhamba ngamabhayisekili kungavumelekile.

Lo mbhalo – abe esewususa ngokushesha ngemuva kwalokho – “wawuyihlaya”, kusho ummeli wakhe uBruce MacGregor.

OLUNYE UDABA: Kumiswe umsakazi woKhozi okhulume 'elokudliwa' emoyeni

Kodwa-ke abanye abantu abawuthandanga neze lo mbhalo. UMinter-Brown wakuphonsela inselelo ukuxoshwa kwakhe.

Abanikazi besiteshi, iKagiso Media, bathi lo msakazi wayesebenza ngokuzimela, bathi ubengeyena umsebenzi wesiteshi. Kodwa-ke waphuma phambili udaba selungena kumxazululi.

Komunye umbhalo wakuFacebook ngoLwesibili, uMinter-Brown ukhiphe imininingwane ngokwamehlela waphinde washiya angalazi ngalo msakazo.

Ufanise indlela aphathwa ngayo “nokujeziswa” kwakamuva komunye wabasakazi balesi siteshi, uPhat Joe. UJoe wamiswa isikhathi esingangesonto kulandela ukuphawula kwakhe ngabantu abaphila nesifo iDown's Syndrome, nokwashiya abalaleli bomsakazo bethukuthele beveva.

UMacGregor uthi uMinter-Browne ubezwakalisa ilaka lakhe ngalolu daba kanye nomsakazo i-East Coast Radio kanjalo neKagiso Media. Manje uthi iKagiso Media kanye ne-East Coast Radio sebesabise ngesivimbelo senkantolo baphinde bafuna nokuthi uKevin asuse lo mbhalo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...