Isiteleka siholele ekutheni kuhlehle umngcwabo kaGunman

2017-06-16 14:30

Johannesburg – Umngcwabo kalowo owaduma elingisa emidlalweni kamabonakude uJabu Christopher Kubheka uhlehlisiwe ngenxa yokubambezeleka kokuhlinzwa kwezidumbu emakhazeni eGauteng.

Lokhu kuvezwe yilowo okhulumela umndeni ngoLwesine.

"Kungizwisa ubuhlungu kakhulu lokhu. Kumele siguqule izinhlelo esinazo kanti leyo nto iyaphazamisa kakhulu,” kusho uThami Madondo etshela iNews24.

"Kungathi akukho nje okulungayo. Sithi sisabheke lokho, kuqhamuke okunye.”

UKubheka, 48, kuthiwa uzibulalele kwakhe eSoshanguve ngoMsombuluko ntambama.

Eminye imibiko ithi isidumbu sakhe satholakala silenga esicabheni, kunamaphilisi eceleni kwaso.

OLUNYE UDABA: Kusolwa indlala ngomlingisi ozibulele

UKubheka waduma kakhulu edlala indawo kaGunman kuYizo Yizo.

UMadondo uthe iziphathimandla zesifundazwe zazise umndeni ukuthi amalungu eNehawu angene esitelekeni ngoLwesihlanu, nokusho ukuthi kunokubambezeleka kokuhlinzwa kwezidumbu.

"Umngcwabo ubuhlelelwe ukuthi ube ngoMgqibelo, kepha kwadingeka ukuthi uhlehliselwe iSonto,” esho.

"Siyethemba ukuthi umzimba wakhe uzobe ususekhaya ngaleso sikhathi.”

Kuthiwa amalungu eNehawu afuna ukunyuselwa amaholo aphinde akhokhelwe nesibonelelo sobungozi bomsebenzi awenzayo.

Kumanje ayanqaba ukuhlinza izidumbu kuze kube kuhlangatshezwana nezimfuno zawo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...