Isishaya ngenqwaba yabalandeli ku-Instagram ingane kaKenny Kunene engakazalwa

2017-04-11 09:31

Cape Town -  Usaziwayo wakuleli ongusomabhizinisi nophinde adume ngokuba unontandakubukwa, uKenny ‘Sushi King’ Kunene kanye nonkosikazi wakhe, uWhitney Mhlanga, sebememezele igama lengane yabo engakazalwa ngesikhathi kunomcimbi obuwubukhazikhazi wokwamukelwa kwale ngane ngoMgqibelo.

UKenny udalule ukuthi banqume ukuqamba indodana yabo ngokuthi uRemo Kunene. Leli gama lisho ukuthi “ungokhethiweyo”.

Embhalweni waku-Instagram uKenny ubiza uRemo “njengomfana osemfashinini, osesitayeleni futhi ohlakaniphe kakhulu.”

OLUNYE UDABA: UKenny Kunene akawuvali umlomo ngesinqandamathe

Uphinde wadalula nekhasi le-Instagram lendodana yakhe engakazalwa. Le ngane itholakala ku-@babybillionairekunene. 

Umbhalo ochaza kabanzi ngale ngane uthi: “Kuzoba ingane esemfashinini futhi etotoswayo kakhulu. Impumelelo nezinto ezinkulu zingilindile. Ngizozalwa maduzane.”

URemo usevele unabalandeli abangaphezu kwabangu-400 njengoba nesibalo sabo sibukeka sikhula cishe umzuzu nomzuzu.

Engxoxweni edlule neThe Juice uKenny wathi angeke akwazi ukudalula ukuthi le ngane izozalwa nini ngenxa yezizathu “zezamasiko”. 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Drizzle. Morning clouds. Cool. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: -1-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C Sunny. Mild. PE: 12-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...