Isiqinisekisiwe imininingwane yomngcwabo ka'Bra Eddie'

2018-01-30 16:05

Johannesburg – Isiqinisekisiwe imininingwane mayelana nenkonzo yesikhumbuzo neyomngcwabo kalowo obelingisa indawo kaBra Eddie kwiScandal!, uSandy Mokwena.

Lo mlingisi udlule emhlabeni ngoLwesine olwedlule.

Ngokusho kukaMichael Pocock, ongumxhunanisi we-e.tv nabezindaba, kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo yangasese kuleli sonto bese ilandelwa ngeyomngcwabo ngoLwesihlanu.

“Ukufa kusiphuce ubaba, umlingisi onekhono kanye nendoda ebesibukela kuyo kakhulu," kusho isitatimende esikhishwe yi-e.tv. 

OLUNYE UDABA: Ungqongqoshe udlulise awenduduzo ngokushona kuka'Bra Eddie'

Ngesonto eledlule, indodakazi kaMokwena iveze ukuthi lo mlingisi udlule emhlabeni eneminyaka engu-68 ubudala.

UKeabetswe Mokwena uphinde waveza ukuthi bese kuphele isikhathi esingangonyaka ubaba wakhe ephethwe yisifo senhliziyo.

Kuthiwa ube esexineka kakhulu ezinyangeni eziyisithupha ezedlule.

Nansi imininingwane yomngcwabo ngezansi: 

Inkonzo yasesontweni

Usuku: 2 Febhuwari 2018

Isikhathi: 08:00 – 10:00

Indawo: Grace Bible Church, 1476 Dlebelendlovu Street, ePimville

Umngcwabo

Isikhathi: 11:00

Indawo: West Park Cemetery, Beyers Naude Drive noWes Park Road, eMontgomery Park


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C a few tstorms. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...