Isiqephu sayizolo seSibaya sishiye abaningi bekhala mi izinyembezi

2018-01-30 18:00

Durban - Amehlo abethe njo kwisiqephu ebesihlabahlosile somdlalo ongaconsi phansi kwabaningi kuleli iSibaya, okhonjiswa kuMzansi Magic, obekuqhuma kuwo inganono kwaphetha ngokuthi kushone uZama Ngwenya noLerato Kgokong.

Lo mshophi wenzeke ngensikhathi abakwaZungu bezokwembesa abakwaNgwenya.

Lokhu kulandela ukuthi uJabulani Zungu olingiswa nguPalance Dladla benoZama Ngwenya odlalwa nguLinda Mtoba beshaye indiva iziyalo zemindeni yabo bashada ngenkani ngaphandle kwesibusiso.

Kulesi sigameko sokudubula kushone uZama noLerato. Kwake kwabikwa ngaphambilini ukuthi la balingisi bayashiya kulo mdlalo oseke wahlabana nezindondo eziningi phambilini.

Ababukeli balo mdlalo bababele ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukudabuka kwabo ngokwenzekile, abanye bencoma ophrojusa balo mdlalo ngokuhlanganisa isiqephu esivusa imizwa kube sengathi okwenzekile kuyinto yangempela.

Lesi siqembu siphele uJabu ekhihla isililo esebona isidumbu sikaZama emakhazeni asesibhedlela.

TWITTER:

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...