Isiphinde yalahlekelwa ababukeli abangu-40 000 i-soapie yakwa-SABC

2017-04-13 07:26

Cape Town – Ilokhu iqhubeke njalo nokulahlekelwa ngababukeli inhlangano yezokusakaza kuleli, iSABC, njengoba ezinye zezinhlelo zayo sezehlelwe ababukeli ngale ndlela yokuthi sezikhala ngaphansi ngisho noma seziqhathaniswa nezinye zezinhlelo zakuDStv – yize noma yona ibukelwa abantu abancane ngoba iyakhokhelwa.

Kubukeka sengathi ukushintshwa kwezikhathi okudlala ngazo ezinye zezinhlelo zakwaSABC, okubalwa kuzo iZaziwa, edlala kuSABC1 kanye ne-7de Laan, edlala kuSABC2, kuphenduke kwaba yinhlekelele.

I-7de Laan ilahlekelwe ababukeli abangaphezulu kuka-400 613 ngenyanga nje eyodwa njengoba ababukeli bebonakale beye bawubalekela uSABC2 ngoMashi kulandela ukushintsha okwesithathu kwesikhathi okungena ngaso lo mdlalo wesiBhunu esikhathini esiyizinyanga kulandelana.

OLUNYE UDABA: Sezivaliwe izindaba zesiZulu esiteshini sikamabonakude

Obambe njengeChief Operating Officer (COO) kwaSABC, uBessie Tugwana, watshela iPhalamende ngoFebhuwari ukuthi lo mdlalo washintshwa isikhathi ongena ngaso ukuze uzobukelwa ngabantu abaningi.

Lokhu kuzophinde kushaye kuzwele kwintengo yokukhangisa kulesi siteshi kanye nemali etholwa uSABC ngokukhangisa.

NgoMashi, izinhlelo zeMzansi Magic (DStv 161), Isibaya kanye ne-Our Perfect Wedding zibukelwe kakhulu okudlula zonke izinhlelo zakwa-SABC3.

Ngaphezu kwalokho, uhlelo lwezingxoxo obelungaconsi phansi kuSABC1, iZaziwa, lulahlekelwe ababukeli abangaphezu kwesigidi njengoba belujwayele ukudonsa ababukeli abalinganiselwa ku-3.5 million.

Kodwa-ke izindaba ezinhle kuSABC ukuthi eminye yemidlalo yayo iyaqhubeka nokuhamba phambili ngokubukelwa kanye nokunyukelwa yisibalo sababukeli, nalapho kuqengqeleza phambili Uzalo (8.52 million), iGenerations The Legacy (8.43 million), kanye neSkeem Saam (6.3 million).

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 5-22°C Sunny. Mild. Bloem: 3-14°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-16°C Showers late. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...