ISilo namanje asineme ngegama lomsakazo Ukhozi FM

2017-09-11 13:59

Durban - ISilo samaBandla iNkosi uGoodwill Zwelithini ngoMgqibelo eMkhosini woMhlanga sigxeke umsakazo uKhozi FM ngokungaziqhenyi ngokuba owesiZulu.

UNgangezwe lakhe ukhale ngokuthi isinqumo sakwaSABC sokushintsha igama lomsakazo - iRadio Zulu – kwakuqondwe ngaso ukuchitha umlando onothile womsakazo.

“Kwanguku-1964 ngesikhathi amaZulu efakwa emsakazweni. Umsakazo wanikwa igama lethu, kodwa ngokuhamba kwesikhathi abantu abathile bahlangana bawetha elinye igama esingalazi,” kusho uNgangezwe lakhe.

ISilo sithe Ukhozi FM lwenzela phansi abantu ngokushintsha igama.

“Bathatha isinqumo sokushintsha igama lomsakazo ngaphandle kokuxhumana nami njengeNkosi yamaZulu, umnikazi wolumi lwesiZulu,” kusho uBhejane phuma esiqiwini.

OLUNYE UDABA: Umndeni nomyeni embangweni embangweni wesidumbu sowayengumsakazi

Uthe namanje usalindele ukuba achazelwe ukuthi kwakonakele kuphi ngegama elithi iRadio Zulu.

“Namanje ngisalinde incazelo yokuthi kwakonakelephi ngegama lomsakazo elidala nokuthi kungani wethiwa ngegama lenyoni,” kusho iSilo.

Ngesikhathi iphephandaba lixhumana nokhulumela iSABC ngalolu daba uKaizer Kganyago, uthe: “Ngeke ngikwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba ukushintshwa kwamagama kwakuwudaba lwesizwe.

“Neminye imisakazo yakwaSABC yashintshwa amagama, akulona uKhozi FM kuphela futhi kunohlelo olwalandelwa.

“INkosi kwakumele ifake isimangalo kithina uma yayingeneme ngohlelo olwalandelwa.”

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...