Isifundazwe iMpumalanga sifike sashanela kowama-Satma

2017-10-01 16:30

Durban - IMpumalanga yisona sifundazwe esibengumakhonya ngikushanela izindondo eziningi kulo nyaka emcimbini wamaSatma Awards.

Indondo okuyiyona evulele zonke kube yileyo yoMnyango wezoBuciko namaSiko ohamba phambili ezweni lonkana.

IMpumalanga ishaye emakhanda ezinye izifundazwe ngokuthatha le ndondo kanti okube wufakazi nokusebenza kanzima kwalo mnyango kubonakale ngendlela abaculi ababonge ngayo ngokubaxhasa ngezinsiza zokuthutha baze bafike esifundazweni saseNorth West. 

Ngale kwalokho lo mnyango udlale enkulu endima ekwesekeni bonke abebephakanyiselwe ukuwina izindondo ngokubalekelela ngomkhankaso wabo wokugaya amavoti.

OLUNYE UDABA: Kuhlonishwe izinkunzi esezalala kowama-Satma

Umsakazo Ligwalagwala FM yiwona msakazo odla ubhedu ekudlaleni umculo wesintu futhi nohlelo lwawo lomculo wesintu Leswuka Lutfuli lukhethwe njengohlelo oluhamba phambili. 

Abaphathi balesi siteshi babonge abalaleli okuyibona abavote ngobuningi babo babonga futhi nomnyango wezamasiko ngokubaxhasa ngomkhankaso wabo. 

Lesi sifundazwe besiqala ukuwina ngale ndlela nokuyinto ebonisa ukukhula komculo wesintu futhi abaculi abasuka kulesi sifundazwe abawinile bathe bazoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ukuqhakambisa amaciko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 19-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...