Isidaluliwe imbangela yokudlula kuka'Magubane' emhlabeni

2015-12-07 10:01

Durban - Lowo owake wasakaza kuKhozi FM, obengumlingisi, esakaza nezemidlalo, uShadrack Ngema, obedume kakhulu ngelikaMagubane, udlulile emhlabeni.

UNgema wazakhela udumo ngesikhathi elingisa indawo yenyanga eMzini weziNsizwa owawukhonjiswa ku-SABC1.

UNgema ushonele ePrince Mshiyeni eMlazi, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.

Umfowabo, uMandla, 50, uthe umndeni umphuthumise esibhedlela ngemuva kokukhala ngokuthi akuphefumuleki kahle.

OLUNYE UDABA: Awenduduzo kushona waseMzini Wezinsizwa

"Ushone odokotela besathi bayamsiza. Umfowethu ubengenalutho kwaze kwaba ukhala ngenkinga yokuphefumula ngesonto eledlule. Sibe sesimphuthumisa esibhedlela, ngebhadi washona," esho.

Uthe umndeni udangele kakhulu njengoba uNgema ebesanda kuthatha umhlalaphansi.

UMandla uthe balinde indodana kaNgema, uDumisani, ukuba ibuye eFrance ukuze bezoqala ngamalungiselelo omngcwabo.

UNgema wajoyina uKhozi FM ngo-1977 lusabizwa ngoRadio Zulu.

UMengameli Jacob Zuma ungomunye wabakhalisane nomndeni wakwaNgema.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...