Ishintshe igiya iVuma FM ngezinhlelo ezinkulu

2018-05-04 16:09

Durban - Kulo nyaka odlule, umsakazo iVuma FM ubonakalise okukhulu ukudlondlobala kanti uthathwa njengeminye yemisakazo ehamba phambili ebhekelele abalaleli asebekhulile.

Ukuthuthuka kwayo kubonakale kakhulu ngokuphakanyiswa kwezinhlelo zayo kowezindondo zama-Liberty Radio Awards
nokuyilapho ihlomule khona ngendondo ye-Best Music Show (nokunguhlelo olushayelwa nguNanda “Fresh Prince of Radio”).

Ngale kokuphakanyiselwa lezi zindondo, umkhankaso walo msakazo wokuklomelisa abalaleli ngomshado omhlophe kubabeke kwelinye izinga njengoba ungekho omunye esifundazweni sakwaZulu-Natal onalo mncintiswano ofana nalona.

OLUNYE UDABA:Uyashiya kwi-Vuma FM uDJ Sbu

NgoLwesihlanu ekuseni, lomsakazo ubambe ubambe isithangami sabezindaba emahhovisi abo lapho bebethula khona izinguquko zabo.
 
Ushintsho lokuqala kwenziwe ohlelweni lwasekuseni i-Good To Go Breakfast olushayelwa wuMakhosi Khoza noGabriel Sithole. Kulolu hlelo sekufakwe intokazi engumlingisi uDawn Thandeka King. UDawn waziwa kakhulu ngendawo yakhe emdlalweni uZalo lapho edlala khona indawo kaMaNgcobo.

Olunye ushintsho olwenziwe yilo msakazo lusohlelweni lwasemini lapho kulandwe khona umsakazi osenolwazi olunzulu kule mboni uLekoMotion. 

Lo msakazi uzobe ebambisene noNomfundo Mkhizeto  kusukela ngo-3 kuya ku-6 kanti lolu hlelo seluzobizwa nge-The Drive with 
LekoMotion & Nomfundo.

Umphathi-jikelele we- Vuma 103 FM,  uPearl Sokhulu uthe: "Ngesikhathi sisamzama uDawn waaimangaza kakhulu ngoba wangena khaxa kuleli thimba. Lokhu yikona okwasenza saba neaiqiniseko sokuthi nakanjani kumele ahlale la.

ULekoMotion unalesi spiliyona esisidingayo siwumsakazo ukuze sithuthuke kakhulu kunalokhu futhi sizibeke ezingeni lapho sizokwazi ukugculisa kakhulu abalaleli bethu.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...