Isamisiwe imicimbi kaMaskandi eThekwini

2017-05-04 14:01

Durban - Abaphathi babaculi kanye nabahleli bemicimbi kaMaskandi babambe umhlangano kulandela isibhicongo esenzeka ngoMgqibelo eCurries Fountain ngoMgqibelo.

Kulo mhlangano, abanikazi bale nkundla eyintandokazi ekuphatheni imicimbi kaMaskandi baveze ukuthi ngeke isaba khona imicimbi kule ndawo.

Lokhu kwenzeka nje kunomunye umcimbi obuhlelelwe uMgqibelo, mhlaka-13 kwephezulu.

Ngokusho kukaMenziwa Biyela, ongomunye wabaphathi babaculi, uthe lo mcimbi usuhlehlisiwe okwesikhashana njengoba abanikazi bendawo bathi ngeke besakwazi ukuvumela imicimnbi efana nalona.

OLUNYE UDABA:Umlandeli kaMaskandi oshonile wawubona usekude umhlola

“Sithanda ukunxusa abalandeli asebenawo amathikithi alo mcimbi ukuba bawagcine kahle njengoba kusazanywa izindlela zokuthola enye indawo okuzobanjelwa kuyo lo mcimbi.

“Abaphathi bezindawo eziningi eThekwini basayimisile imicimbi kaMaskandi kulandela isigameko esenzeka ngoMgqibelo," kusho uBiyela.

La baphathi babuye baveza ukuthi bazoba nomhlangano nabaculi okuyibona abathintekayo, uKhuzani Mpungose kanye noMthandeni Manqele ukuze kuxazululwe le nkinga.

“Laba bafana bayizingane zethu, ngakhoke kumele sibabuyise endleleni uma kukhona lapho abaphambuka khona. Sizoba nomhlangano lapho kuzozanywa izindlela zokuxazulula lesi simo ngoba ekugcineni nabo bayaziphilisa ngalo mculo, futhi banemindeni okumele bayondle.

"Ngakho-ke ngeke kube kuhle ukuthi singabambisani nabo uma isimo sinjena,” kupetha uBiyela.

Lo mhlangano ulandela izidubedube ezaba khona ngoMgqibelo kuhilizisana abalandeli, kwaqhuma inganono kwashona abantu ababili.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...