IQINISO lihleli obala kuputshuka imiphumela yama-Metro FM Awards

2017-03-13 19:31

Durban -  Kumangale abantu ezinkundleni zokuxhumana kuputshuka imiphumela yamavoti ama-Metro FM Awards.

Iqiniso lihlelo obala kanti kuyacaca ukuthi kukhona isandla sesithathu ebesilawula ukukhishwa kwezindondo zabaculi kulo mcimbi.

Lo msakazo okuyiwona ohlela lo mcimbi wagxeka kakhulu abantu bekhala ngokuthi kunabaculi abashaywe ngesithende ngoba kukhona abakhokhele ukudla umhlanganiso.

OLUNYE UDABA:Ngabe bekungamaMetro FM Awards noma iMabala Noise Awards?

Selivelile iqiniso kanti imiphumela ithi uBabes Wodumo uyena obehamba phambili ngevoti lengoma edle umhlanganiso.

Phezu kwalokhu kuvele nokuthi uKwesta naye ubehamba yedwa ngevoti, kodwa yize kunjalo akatholanga ngisho.

Le miphumela ivezwe wumuntu ongaziwa yasabalala ezinkundleni zokuxhumana.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Rain late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 7-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...