Iqembu lomculo lihoxe kumaMetro FM Awards

2017-02-16 14:01

Cape Town – Iqembu lomculo wokholo iJoyous Celebration selinqume ukuhoxa emcimbini wezindondo, amaMetro FM Awards 2017.

Embhalweni ofakwe ekhasini leJoyous Celebration kuFacebook leli qembu lichaza kabanzi ngesizathu sokuhoxa.

OLUNYE UDABA: UHLU OLUPHELELE: Abaphakanyiswe kumaMetro FM Music Awards

“Njengoba iningi kungenzeka lazi singokukhula kanye nokuthuthukiswa kwabaculi abasha nokuyisona sizathu sokungayinaki imicimbi yezindondo ngaphandle komkhakha wokudayiswa kwama-DVD kumaSAMAs.

"Muva nje, isitebele sethu, iSony Music Africa, senze iphutha sasifaka kumaMetro [Awards] kulo nyaka nesihoxe ngoxolo kuwona njengoba singathanda ukugqamisa ukusebenza kanzima kwamaciko asemasha endimeni," iJoyous Celebration icashunwe kanjalo embhalweni.

Nokho okhulumela i-SABC uKaizer Kganyago uthe leli qembu ngeke likwazi ukuhoxa ngoba ukuvota sekuvaliwe, futhi abalandeli sebevotile.

Zifundele umbhalo ophelele weJoyous Celebration lapha:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 17-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...