Iphinde yaphakanyiselwa kuma-Grammy Awards iBlack Mambazo

2016-12-07 11:32

Cape Town – INingizimu Afrika ikwazile ukuzitholela ukuphakanyiswa kabili kwabazoqokelwa ama-2017 Grammy Awards njengoba ngoLwesibili kwenziwe isimemezelo ngalo mcimbi wezindondo omkhulukazi emhlabeni wonke, nokuzobe sekungowesi-59.

Iqembu lesicathamiya laseNingizimu Afrika, elidume umhlaba wonke, iLadysmith Black Mambazo, lithole ukuphakanyiswa kwabazoqokelwa indondo emkhakheni weBest World Music Album, nge-Albhamu yabo ethi Walking In The Footsteps Of Our Fathers.

OLUNYE UDABA: I-EFF ifuna osaziwayo bangalubhadi kuma-awards esiteshi samaGupta

Lokhu kwenza kube yihlandla lesi-17 leli qembu liphakanyiselwa kwabazoqokelwa izindondo kumaGrammy Awards.

ILadysmith Black Mambazo isike yahlabana ngezindondo zamaGrammy Awards izikhathi ezine ngaphambilini. Ngonyaka ka-1998 bawina nge-albhamu yabo ethi Shaka Zulu; ngo-2004, nge-albhamu ethi Raise Your Spirit Higher; ngo-2009, ngethi Ilembe kanye nango-2013, nge-albhamu ethi Singing For Peace Around The World.

Ngaphezu kwalokho nomfuthi we-piono ongowokudabuka eNingizimu Afrika, uKristian Bezuidenhout, uqokelwe emkhakheni weBest Classical Instrumental Solo. Naye ubengaqali ukuphakanyiselwa kumaGrammy Awards njengoba eseke waqokelwa izikhathi ezimbili ngaphambilini.

Umcimbi wesi-59 waminyaka yonke wamaGrammy Awards uzoba mhla zingu-12 kuFebhuwari, eStaples Center, eLos Angeles. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...