Inxeba liqoqe inqwaba yezindondo emcimbini wangoMgqibelo

2018-03-25 09:32

eThekwini - Ifilimu Inxeba (The Wound), ibisematheni kulawa masonto ambalwa adlule ngenxa yezikhalazo eziqhamuke kubaholi bendabuko ikakhulukazi abakwaXhosa.

Lokhu kwaholela ekutheni lefilimu imiswe okwesikhashana ukudlalwa emasinema akuleli kwaze kwaba wukuthi udaba lwayo ludluliselwa enkantolo.

Inkantolo yafike yathatha isinqumo ngesonto eledlule ukuba zobuyiselwa emabhayisikobho akuleli ngoLwesihlanu njengoba kusalindwe isibuyekezo senkantolo enkulu, esifakwe ngemizamo yokuthi kususwe isexwayiso sokuthi le filimu ifana ncamashi neyocansi.

Njengoba kulindwe lesi sinqumo esizozwakala ngoMashi 28, le filimu ingatshengiswa emabhayisikobho kusukela ngomhlaka-9 Mashi, kusho iJaji uNeil Tuchten eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng, ePitoli, ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA:Ifilimu Inxeba izobuyiselwa emabhayisikobho, kunquma inkantolo

Le filimu izokhonjiswa ngaphansi kwesigaba sika-18SNL. Okusho ukuthi izobukwa ngabantu abaneminyaka eyevile kwengu-18 yobudala ngenxa yokuthi iqukethe ucansi nolimi oluqosheme.

Ophrojusa bale filimu, bekhuluma ngesitatimende esikhishwe nguDavid Alex Wilson ngaphansi kweMad Moth Communications, bathe lesi sicelo sabo esiphuthumayo ebesifuna kuhoxiswe ukubekwa kwale filimu ngaphansi kuka-X18, siphumelele.

Banxuse ukuthi isinqumo salesi sibuyekezo ngesinqumo seFilm and Publication Board's (FPB) Appeal Tribunal eyabeka le filimu ngaphansi kwesigaba sika-X18SNLVP, iguqule leso esabekwa yi-FBP sika-16LS – okuchaza ukuthi le filimu iyithatha njengefilimu yocansi okungamele ibukwe emabhayisikobho.

Yize zingakapheli izinkinga zale filimu, abantu bakuleli babonise uthando olukhulu ngayo njengoba ifike yashanela emcimbini wokuklomelisa abavelele kowama-l South African Film and Television Awards (Saftas).

Le filimu kanye nabalingisi bayo iyona ethathe izindondo eziningi kulo mcimbi obubanjelwe eSun City.

Naba abanye abawinile:

Best Student Film - Hewn

Best Achievement in Directing - TV Comedy - Johann Vermaak for Puppet Nation ZA

Best Achievement in Scriptwriting - TV Comedy - Karen Jeynes, Tsitsi Chiumya, Sipumziwe Lucwaba and Angel Campey for Puppet Nation ZA

Best Actress - TV Comedy - Carine Rous as Anna in Elke Skewe Pot

Best Actor - TV Comedy - Mandla Gaduka as Solomon in Gauteng Maboneng

Best Achievement in Directing - TV Soap/Telenovela - Phiwe Mkhanzi and Sthembiso Mathenjwa for Isibaya

Best Actress - TV Soap/Telenovela - Jo-Anne Reyneke as Thandi in Broken Vows

Best Actor - TV Soap/Telenovela - Hamilton Dhlamini as Banzi Motaung in Isithembiso

Best TV Soap - Isibaya

Best Telenovela - High Rollers 3

Best Achievement in Directing - TV Drama - Catharine Cooke, Rolie Nikiwe and Rea Rangak for iNumber Number

Best Achievement in Scriptwriting - TV Drama - Reabetswe Moeti and Mandla Ngcongwane for Lockdown

Best Actress - TV Drama - Thuso Mbedu as Winnie on Is’thunzi

Best Actor - TV Drama - Warren Masemola as MaFred on Tjovitjo

Best Supporting Actress - TV Drama - Jana Cilliers as Anna on Die Boekklub 2

Best Supporting Actor - TV Drama - Emmanuel Castis as Chris Spencer on Erfsondes 4

Best TV Drama - Tjovitjo

Best Documentary Feature - Skulls of my People

Best Talk Show Host - Pabi Moloi on Trending SA

Best Achievement in Scriptwriting - Feature Film - John Trengrove, Malusi Bengu and Thando Mgqolozana for Inxeba (The Wound)

Best Actress - Feature Film - Crystal-Donna Roberts as Krotoa in Krotoa

Best Actor - Feature Film - Nakhane Touré as Xolani in Inxeba (The Wound)

Best Supporting Actress - Feature Film - Nomonde Mbusi as Thobeka Sithole in VAYA

Best Supporting Actor - Feature Film - Bongile Mantsai as Vija in Inxeba (The Wound)

Best Feature Film - Inxeba (The Wound).

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...